Amahubo 34:1-22

Amahubo 34:1-22 CZB24

Ihubo likaDavide ekuguquleni kwakhe ukuziphatha kwakhe phambi kuka-Abimeleki owamxosha, wahamba. Ngiyakumbonga njalo uJehova; udumo lwakhe luyakuba semlonyeni wami njalo. Umphefumulo wami uyakukhazimulisa kuJehova; abathobekileyo bayakuzwa, bajabule. Mdumiseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye. Ngamfuna uJehova, wangizwa, wangikhulula kukho konke ukwesaba kwami. Bambheka bakhanyiselwa, nobuso babo abuzange bube namahloni. Lo muntu ompofu wakhala, uJehova wamuzwa, wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe. Ingelosi kaJehova iyehla nxazonke kwabamesabayo, ibakhulule. Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe umuntu othembela kuye. Mesabeni uJehova nina bangcwele bayo, ngokuba abasweli abamesabayo. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe; kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. Wozani, bantwana, ningilalele, nginifundise ukumesaba uJehova. Ngubani lo othanda ukuphila, othanda izinsuku eziningi ukuba abone okuhle, na? Gcina ulimi lwakho ebubini nezindebe zakho enkohliso. Deda ebubini wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphishekele. Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo. Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba asuse ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. Abalungileyo bayabiza, uJehova uyezwa, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo. UJehova useduze kwabanenhliziyo eyaphukileyo; futhi usindise ababuthakathaka benhliziyo. Izinhlupheko zolungileyo ziningi, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke. Uyawalonda onke amathambo akhe; akekho kubo ophukile. Ububi buyakumbulala omubi, nabazonda olungileyo bayakuba yihlane. UJehova uyawukhulula umphefumulo wezinceku zakhe, futhi akekho noyedwa kwabamethembayo oyoba ihlane.