AmaHubo 34:1-22

AmaHubo 34:1-22 ZUL59

Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule. Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye. Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha. Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule. Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe, ngokuba abasweli lutho abamesabayo. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova. Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge. Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo. UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo. Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke. Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo. Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala. UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.