Akukho nkosi esindiswa ngobuningi bempi; iqhawe alisindiswa ngamandla amakhulu. Ihhashi liyize ekuphepheni, futhi ngamandla alo amakhulu ngeke asindise muntu. Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe; ukuze akhulule umphefumulo wabo ekufeni, abaphilise endlaleni. Umphefumulo wethu ulindela uJehova; yena ulusizo lwethu nesihlangu sethu. Ngokuba inhliziyo yethu iyakuthokoza ngaye, ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele. Umusa wakho, Jehova, mawube phezu kwethu, njengoba sithembele kuwe.
Funda Amahubo 33
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 33:16-22
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo