Amahubo 31:9-16

Amahubo 31:9-16 CZB24

Yiba nomusa kimi, Jehova, ngoba ngisosizini; iso lami liphelile usizi, yebo, umphefumulo wami nesisu sami. Ngokuba ukuphila kwami kunosizi neminyaka yami ngokububula; amandla ami aphelile ngobubi bami, namathambo ami aphelile. Ngaba yisihlamba phakathi kwazo zonke izitha zami, ikakhulukazi phakathi komakhelwane bami, nengebhe phakathi kwezihlobo zami; abangibona ngaphandle bangibalekela. Ngikhohliwe njengofileyo enhliziyweni, nginjengesitsha esiphukile. Ngokuba ngizwile ukuhleba kwabaningi; njengoba becebisana ngami, baceba ukususa umphefumulo wami. Kepha mina ngithembele kuwe Jehova; Ngathi: Wena unguNkulunkulu wami. Izikhathi zami zisesandleni sakho; ngikhulule esandleni sezitha zami nakubo abangizingelayo. Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ngikhulule ngenxa yomusa wakho.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo