AmaHubo 31:9-16
AmaHubo 31:9-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Yiba nomusa kimi, Jehova, ngoba ngisosizini; iso lami liphelile usizi, yebo, umphefumulo wami nesisu sami. Ngokuba ukuphila kwami kunosizi neminyaka yami ngokububula; amandla ami aphelile ngobubi bami, namathambo ami aphelile. Ngaba yisihlamba phakathi kwazo zonke izitha zami, ikakhulukazi phakathi komakhelwane bami, nengebhe phakathi kwezihlobo zami; abangibona ngaphandle bangibalekela. Ngikhohliwe njengofileyo enhliziyweni, nginjengesitsha esiphukile. Ngokuba ngizwile ukuhleba kwabaningi; njengoba becebisana ngami, baceba ukususa umphefumulo wami. Kepha mina ngithembele kuwe Jehova; Ngathi: Wena unguNkulunkulu wami. Izikhathi zami zisesandleni sakho; ngikhulule esandleni sezitha zami nakubo abangizingelayo. Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ngikhulule ngenxa yomusa wakho.
AmaHubo 31:9-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yiba nomusa kimi, Simakade, ngokuba ngisenkathazweni, iso lami liyafiphala ngenxa yosizi, nomphefumulo nomzimba wami. Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile. Ngiyisigcono sazo zonke izitha zami, ingasaphathwa-ke eyomakhelwane bami. Sengiyinto esabisayo kubangani bami. Engihlangana nabo emgwaqweni bayangibalekela. Sebengikhohliwe ezinhliziyweni zabo, senginjengomuntu ofileyo, nesitsha esephukileyo. Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala. Kepha mina ngethemba Wena Simakade, ngithi: “Wena unguNkulunkulu wami.” Izikhathi zami zisesandleni sakho, ngikhulule esandleni sezitha zami nakulabo abangizingelayo. Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho, ngomusa wakho ungisindise.
AmaHubo 31:9-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngiyahlupheka; iso lami liyafa usizi, nomphefumulo wami nomzimba wami. Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile. Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba, ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami; abangibona endleleni bayangibalekela. Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo; nginjengesitsha esifileyo. Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi ngokwesabisayo nxazonke; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami. Kepha mina ngithemba wena Jehova; ngithi: “UnguNkulunkulu wami.” Izikhathi zami zisesandleni sakho; ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo. Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ngisindise ngomusa wakho.