Amahubo 19:1-10

Amahubo 19:1-10 CZB24

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Amazulu ashumayela inkazimulo kaNkulunkulu; nomkhathi ubonisa umsebenzi wezandla zakhe. Usuku nosuku lukhuluma inkulumo, nobusuku bukhuluma ukwazi. Kakulankulumo lolimi lapho ilizwi lazo lingezwakali khona. Uhlu lwazo luphumela emhlabeni wonke, namazwi awo ekupheleni kwezwe. Wamisela ilanga itabernakele; onjengomyeni ephuma ekamelweni lakhe futhi ejabula njengendoda enamandla ukugijima umncintiswano. Ukuphuma kwalo kusukela emkhawulweni wezulu nokujikeleza kwalo kuya emikhawulweni yalo, futhi akukho okufihlekile ekushiseni kwalo. Umthetho kaJehova uphelele, uvuselela umphefumulo; ubufakazi bukaJehova buqinisile, buhlakaniphisa abangenalwazi. Izimiso zikaJehova zilungile, zijabulisa inhliziyo; umyalo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo. Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi phakade; izahlulelo zikaJehova ziqinisile futhi zilungile. Kuyathandeka kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo; futhi imnandi kunezinyosi namakhekheba.