Ihubo likaDavide. Ngajabula lapho bethi kimi: “Masingene endlini kaJehova. Izinyawo zethu ziyakuma emasangweni akho, Jerusalema. IJerusalema lakhiwa njengomuzi omi ndawonye; Lapho zikhuphukela khona izizwe, izizwe zeNkosi, kube ngubufakazi bukaIsrayeli, ukudumisa ibizo leNkosi. Ngoba kukhona izihlalo zobukhosi ezimisiweyo zokwahlulela, izihlalo zobukhosi zendlu kaDavida. Khulekelani ukuthula kweJerusalema: bazaphumelela abakuthandayo. Ukuthula kuphakathi kwezindonga zakho nempumelelo phakathi kwezigodlo zakho. Ngenxa yabafowethu nabangane bami manje ngizothi: Ukuthula makube kini! Ngenxa yendlu kaJehova uNkulunkulu wethu ngiyakukufunela ukuthula.
Funda Amahubo 122
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 122:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo