Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso, nasolimini lwenkohliso (Ihubo.) Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, wangizwa. O Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso nasolimini lwenkohliso. Niyakuphiwa ngani na? Kuzakwenziwani kuwe, lulimi lwamanga? Imicibisholo ebukhali yamaqhawe namalahle ojunipha. Maye kimina, ngokuba ngigogobele kwaMesheki, ngihlala ematendeni akwaKedari! Umphefumulo wami uhlezi kade naye ozonda ukuthula. Mina ngingowokuthula, kepha lapho ngikhuluma, bona babe ngezokulwa.
Funda Amahubo 120
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 120:1-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo