Amahubo 120:1-7

Amahubo 120:1-7 CZB24

Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso, nasolimini lwenkohliso (Ihubo.) Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, wangizwa. O Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso nasolimini lwenkohliso. Niyakuphiwa ngani na? Kuzakwenziwani kuwe, lulimi lwamanga? Imicibisholo ebukhali yamaqhawe namalahle ojunipha. Maye kimina, ngokuba ngigogobele kwaMesheki, ngihlala ematendeni akwaKedari! Umphefumulo wami uhlezi kade naye ozonda ukuthula. Mina ngingowokuthula, kepha lapho ngikhuluma, bona babe ngezokulwa.