AmaHubo 120:1-7
AmaHubo 120:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, wangiphendula. Simakade, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso. Uyoklonyeliswa ngani, uyokwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso na? Imicibisholo ebukhali yeqhawe namalahle avuthayo omtholo. Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMeshekhi, ngihleli phakathi kwamathende akwaKhedari. Umphefumulo wami kade wahlala nabazonda ukuthula. Mina ngingowokuthula, kodwa uma ngikhuluma, bayalwa.
AmaHubo 120:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula. Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso. Uyakuvuzwa ngani, uyakwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso, na? Imicibisholo ebukhali yeqhawe namalahle omlilo. Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMesheke, ngihlezi ematendeni akwaKedari. Umphefumulo wami sekukade wahlala naye ozonda ukuthula. Ngingowokuthula; kepha uma ngikhuluma, bangabalwayo.
AmaHubo 120:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso, nasolimini lwenkohliso (Ihubo.) Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, wangizwa. O Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso nasolimini lwenkohliso. Niyakuphiwa ngani na? Kuzakwenziwani kuwe, lulimi lwamanga? Imicibisholo ebukhali yamaqhawe namalahle ojunipha. Maye kimina, ngokuba ngigogobele kwaMesheki, ngihlala ematendeni akwaKedari! Umphefumulo wami uhlezi kade naye ozonda ukuthula. Mina ngingowokuthula, kepha lapho ngikhuluma, bona babe ngezokulwa.