Amahubo 12

12
Amahubo 12
UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo nolimi olukhuluma izinto ezizidlayo
1Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Siza, Jehova! ngoba owesaba uNkulunkulu uphelile; ngoba abathembekileyo baphelile phakathi kwabantwana babantu.
2Bakhuluma okuyize, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo, bakhuluma ngenhliziyo embaxa-mbili.
3UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo nolimi olukhuluma izinto ezizidlayo.
4Abathi: Ngolimi lwethu siyakunqoba; izindebe zethu ngokwethu; ngubani oyinkosi phezu kwethu na?
5Ngenxa yokucindezelwa kwabampofu, ngenxa yokububula kwabampofu, ngiyakuvuka manje,” usho uJehova; ngizambeka ekuphepheni komqhuqhayo.
6Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo, anjengesiliva elivivinywe esithandweni somhlaba, elihlanjululwe kasikhombisa.
7Kumelwe ubagcine, Jehova, ubalondoloze kulesi sizukulwane kuze kube phakade.
8Ababi bagijima nxazonke, lapho abanamahloni kakhulu bephakeme.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 12: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume