Amahubo 11

11
Amahubo 11
UJehova olungileyo uthanda ukulunga
1Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyethemba uJehova; nisho kanjani emphefumulweni wami ukuthi: “Balekela entabeni yakho njengenyoni na?
2Ngokuba bheka, ababi bansala umnsalo wabo, balungisa imicibisholo yabo entanjeni, ukuze bacibishele ngasese abaqotho ngenhliziyo.
3Uma izisekelo zichithwa, olungileyo angenzani na?
4UJehova usethempelini lakhe elingcwele, isihlalo sobukhosi sikaJehova sisezulwini; amehlo akhe ayabona, izinkophe zakhe ziyabahlola abantwana babantu.
5UJehova uyamhlola olungileyo, kepha omubi nabathanda ubudlwangudlwangu bayawuzonda umphefumulo wakhe.
6Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo.
7Ngokuba uJehova olungileyo uthanda ukulunga; abaqotho bayabubona ubuso bakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 11: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume