I-ALEPH. Ubusisiwe osendleleni engenabala, ohamba emthethweni kaJehova. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe futhi abamfunayo ngenhliziyo yabo yonke. Futhi abenzi ububi; bahamba ezindleleni zakhe. Wasiyala ukuba sigcine imiyalo yakho eduze. Sengathi izindlela zami beziqondile ukugcina izimiso zakho! Khona angiyikujabha, uma ngigcina yonke imiyalo yakho. Ngizakudumisa ngobuqotho benhliziyo lapho sengizazi izimiso zakho ezilungileyo. Ngiyakugcina izimiso zakho; ungangishiyi ngokuphelele BETH. Insizwa iyakuyihlanza ngani indlela yayo na? ngokuyinaka ngokwezwi lakho. Ngakufuna ngenhliziyo yami yonke; ungangivumeli ngiduke emiyalweni yakho.
Funda Amahubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 119:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo