AMahubo 119:1-10

AMahubo 119:1-10 ZUL20

Babusisiwe abandlela iqotho, abahamba ngomthetho kaSimakade. Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, abamfuna ngenhlizyo epheleleyo, abangakwenzi okungalungile, kodwa abahamba ezindleleni zakhe. Uyalile ukuba izimiso zakho zigcinwe impela. Sengathi izindlela zami zingagxila ekugcineni izimiso zakho; khona ngingeyukujabha, lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho. Ngizakukubonga ngenhliziyo eqotho, lapho ngifunda izehlulelo zakho ezilungileyo. Ngizozigcina izimiso zakho; uze ungangishiyi. Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke, mangingaphambuki emiyalweni yakho.