Ihubo likaDavide. UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho. Intonga yamandla akho uJehova iyakuyelula iseSiyoni; ubuse phakathi kwezitha zakho. Abantu bakho bayakuvuma ngosuku lwamandla akho, ebuhleni bobungcwele kwasesizalweni; unamazolo obusha bakho. UJehova ufungile engayikuzisola: Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki. INkosi ngakwesokunene sakho iyakwehlula amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo. Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, agcwalise izindawo ngezidumbu; uyakulimaza amakhanda amazwe amaningi. Uyakuphuza emfuleni endleleni; ngalokho uyakuphakamisa ikhanda lakhe.
Funda Amahubo 110
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 110:1-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo