Amahubo 110

110
Amahubo 110
INkosi ngakwesokunene sakho iyakwehlula amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo
1Ihubo likaDavide. UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.
2Intonga yamandla akho uJehova iyakuyelula iseSiyoni; ubuse phakathi kwezitha zakho.
3Abantu bakho bayakuvuma ngosuku lwamandla akho, ebuhleni bobungcwele kwasesizalweni; unamazolo obusha bakho.
4UJehova ufungile engayikuzisola: Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.
5INkosi ngakwesokunene sakho iyakwehlula amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.
6Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, agcwalise izindawo ngezidumbu; uyakulimaza amakhanda amazwe amaningi.
7Uyakuphuza emfuleni endleleni; ngalokho uyakuphakamisa ikhanda lakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 110: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume