O, uma abantu bengamdumisa uJehova ngobubele bakhe nezimangaliso zakhe kubantwana babantu! Ngokuba uyasuthisa umphefumulo olangazelayo, awugcwalise ngokuhle umphefumulo olambileyo. Abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, beboshiwe usizi nensimbi; Ngokuba bahlubuka emazwini kaNkulunkulu, badelela icebo loPhezukonke; Ngakho wehlisela kalukhuni izinhliziyo zabo; bawa, akwabakho osizayo. Base bembiza uJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula osizini lwabo. Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo. O, uma abantu bebengadumisa uJehova ngobubele bakhe nezimangaliso zakhe kubantwana babantu!
Funda Amahubo 107
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 107:8-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo