Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu. Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle. Babehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa beboshiwe osizini nasensimbini, ngokuba babephambene namazwi kaNkulunkulu, babesidelele isiluleko soPhezukonke. Wathobisa inhliziyo yabo ngokuhlupheka; bawa kungekho osizayo. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo. Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo. Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
Funda AmaHubo 107
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 107:8-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo