Amahubo 103:8-18

Amahubo 103:8-18 CZB24

UJehova unesihe, unomusa, uyabekezela, uchichima umusa. Akayikuxabana njalo, akayikugcina intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akenzanga kithi njengokwezono zethu; futhi akasibuyiselanga njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe kwabamesabayo. Njengoba impumalanga iqhelelene nentshonalanga, udedisela kude iziphambeko zethu kithi. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uhawukela abamesabayo. Ngoba yena uyasazi isimo sethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli. Umuntu, izinsuku zakhe zinjengotshani; njengembali yasendle, uyaqhakaza kanjalo. Ngokuba umoya uphephetha phezu kwayo, isuke; nendawo yawo ayisayikuyazi. Kepha umusa kaJehova ukhona kwabamesabayo kusukela phakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana; Kulabo abagcina isivumelwano sakhe nalabo abakhumbula imiyalo yakhe ukuba bayenze.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Amahubo 103:8-18