AmaHubo 103:8-18

AmaHubo 103:8-18 ZUL59

UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli. Izinsuku zomuntu zinjengotshani; uyakhahlela njengembali yasendle. Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, bese yinyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi. Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana, kubo abagcina isivumelwano sakhe bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 103:8-18