Odlulayo agxambukele engxabanweni okungeyona eyakhe unjengobamba inja ngezindlebe. Njengohlanya olujikijela amarokhethi, imicibisholo nokufa, Unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe, athi: Kangizilolongi na? Lapho kungekho zinkuni, khona umlilo uyafa; ngakho lapho kungekho mnyundeli, ukuxabana kuyaphela. Njengamalahle omlilo, nezinkuni zomlilo; unjalo umuntu oxabanayo ukuvusa ukuxabana. Amazwi omhlebi anjengamanxeba, ehlela phakathi esiswini. Izindebe ezishisayo nenhliziyo embi kunjengodengezi lombumbi olumbozwe ngamabibi esiliva. Ozondayo unengwa ngezindebe zakhe, uceba inkohliso enhliziyweni yakhe; Lapho ekhuluma iqiniso, ungamkholwa, ngokuba kukhona izinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe. Onzondo yakhe imbozwe ngenkohliso, ububi bakhe buyakwaziwa phambi kwebandla lonke. Omba umgodi uzakuwela kuwo; nogingqa itshe, liyakubuyela kuye. Ulimi lwamanga luyabazonda abahlutshwa ngalo; nomlomo othophayo wenza incithakalo.
Funda Izaga zikaSolomoni 26
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Izaga zikaSolomoni 26:17-28
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo