IZaga 26:17-28

IZaga 26:17-28 ZUL20

Njengomuntu obamba inja eyedlulayo ngamadlebe, unjalo ozigaxa engxabanweni yabanye abantu. Njengohlanya oluphonsa izikhuni nemicibisholo ebulalayo, unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe, athi: “Bengizintelela nje.” Ngaphandle kwezikhuni, umlilo uyacima, kanjalo lapho kungekho khona abahlebayo, ingxabano iyaphela. Njengamalahle othuthwini nezinkuni emlilweni, unjalo umuntu ophehla udweshu. Amazwi ohlebayo anjengesibiliboco: ayehlela ezibilini zomuntu. Njengesiliva okucakwe ngalo isitsha sobumba, zinjalo izindebe ezishelelayo nenhliziyo embi. Onenzondo uyazenzisa ngokukhuluma kwakhe, ebe enenhloso embi enhliziyweni yakhe. Lapho ekhuluma ngendlela emnene, ungakholwa, ngokuba kunezinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe. Noma inzondo yakhe isibekelwa yinkohliso, ububi bakhe buyodaluleka ebandleni. Omba umgodi uyakuphonseka kuwo, nogingqa itshe liyakubuya ligaye yena. Ulimi oluhubhuza amanga luyabazonda olubalimazile; nomlomo othophayo uyabhubhisa.

Funda IZaga 26