Izaga zikaSolomoni 2:1-8

Izaga zikaSolomoni 2:1-8 CZB24

Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, ufihle imiyalo yami kuwe; ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uphendulele inhliziyo yakho ekuqondeni; Yebo, uma ubiza ukwazi, uphakamisela izwi lakho ukuqonda; Uma ubufuna njengesiliva, ubufuna njengengcebo efihliweyo; Khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, uthole ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyapha ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqondisisa. Ugcinela olungileyo ukuhlakanipha okupheleleyo; Uyisihlangu kwabahamba ngobuqotho. Ugcina izindlela zokulunga, agcine indlela yabangcwele bakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Izaga zikaSolomoni 2:1-8