IzAga 2:1-8

IzAga 2:1-8 ZUL59

Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda. Uyabekela abaqotho isibusiso, uyihawu kwabahamba bengenacala, egcina izindlela zokulunga, elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.

Funda IzAga 2

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzAga 2:1-8