KwabaseFilipi 4:10-19

KwabaseFilipi 4:10-19 CZB24

Kepha ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; enanaka ngakho, kepha anibanga nathuba. Akusikho ukuthi ngikhuluma ngokuswela, ngokuba mina ngifundile ukwaneliseka kunoma yisiphi isimo engikuso. Ngiyakwazi nokuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe kokubili ukusutha nokulamba, nokubusa nokuswela. Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo. Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami osizini lwami. Nani-ke nina baseFilipi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ekusukeni kwami eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa. Ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ekusweleni kwami. Kungesikho ukuthi ngifuna ukuphiwa, kodwa ngifuna isithelo esingavama esibalweni senu. Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe enkazimulweni kuKristu Jesu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseFilipi 4:10-19