KwabaseFiliphi 4:10-19

KwabaseFiliphi 4:10-19 ZUL20

Ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senibuye nathola ithuba lokunginakekela; kwazise beninginakekela, kodwa ningalitholi ithuba. Akusikho ukuthi ngikusho lokhu ngokuba ngeswele, kodwa mina ngifundile ukweneliswa noma ezimeni ezinjani. Ngiyakwazi ukuntula, ngiyakwazi futhi nokubusa. Kukho konke nasezintweni zonke, ngiyifundisiwe imfihlakalo: ukusutha, ukulamba, ukubusa nokuntula. Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo. Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami. Nina baseFiliphi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ngesikhathi ngiphuma eMakhedoniya, kwakungekho ngisho nelilodwa ibandla elahlanganyela nami maqondana nokupha nokwamukela, ngaphandle kwenu kuphela. Nalapho ngiseThesalonikha nangithumelela usizo kanye nakabili ngenxa yokweswela kwami. Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa kini. Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu. UNkulunkulu wami uyakunabela konke enikudingayo ngokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKhristu uJesu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseFiliphi 4:10-19