KwabaseFilipi 1:9-14

KwabaseFilipi 1:9-14 CZB24

Nalokhu ngiyakhuleka ukuba uthando lwenu luvame kakhulu ekwazini nasekuqondeni konke; ukuze nivume izinto ezinhle kakhulu; ukuze nibe msulwa, ningabi nacala, kuze kufike usuku lukaKristu; nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu. Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi okwenzeka kimi kwaphumela ekuqhubekiseleni phambili ivangeli; Ngakho-ke izibopho zami kuKristu zabonakala esigodlweni sonke lakuzo zonke ezinye indawo; Abazalwane abaningi eNkosini, beqiniseka ngezibopho zami, banesibindi esikhulu kakhulu sokukhuluma izwi ngokungesabi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseFilipi 1:9-14