Esefikile kubafundi bakhe, wabona isixuku esikhulu sibahaqile, nababhali bephikisana nabo. Kwathi masinyane isixuku sonke simbona samangala kakhulu, sagijimela kuye, sambingelela. Wababuza ababhali, wathi: “Niphikisana ngani nabo na? Omunye wesixuku waphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu; Nomaphi lapho embamba khona, uyamdwengula, akhihlize amagwebu, agedle amazinyo, ashwaqeke; ngikhulume nabafundi bakho ukuba bawukhiphe; kepha abakwazanga. Wasephendula wathi kuye: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani? koze kube nini nginibekezelela? mletheni kimi. Basebemletha kuye; kwathi embona, masinyane umoya wamdweba; yawa phansi, yagiqika ikhihliza amagwebu. Wabuza kuyise wathi: “Sekulesikhathi esinganani enze lokhu kuye? Wathi: Kusukela ebuntwaneni. Umphose kaningi emlilweni nasemanzini ukuba umbhubhise; kepha uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize. UJesu wathi kuye: “Uma ukholwa, zonke izinto zingenzeka kokholwayo. Wahle wamemeza uyise womntwana, wathi ngezinyembezi: Ngiyakholwa, Nkosi; siza ukungakholwa kwami.
Funda Marku 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 9:14-24
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo