NgokukaMarku 9:14-24

NgokukaMarku 9:14-24 ZUL59

Kwathi sebeza kubafundi, babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo. Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo, sagijimela kuye, sambingelela. Wayesebabuza ethi: “Nibuzana nabo ngantoni na?” Omunye wesixuku wamphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu. Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.” Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.” Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu. Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na? Wathi: “Kwasebuntwaneni. Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.” UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.” Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”