Wabuye wangena esinagogeni; kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabene. Basebemqaphela ukuthi uzamsilisa yini ngesabatha; ukuze bambeke icala. Wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma uye phakathi.” Wathi kubo: Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle kumbe okubi? ukusindisa impilo, kumbe ukubulala? Kodwa bathula. Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye. Base bephuma abaFarisi, bahle bacebisana nabakaHerode ukuthi bangambulala kanjani.
Funda Marku 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 3:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo