Khona wabuye wangena esinagogeni.* Kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabeneyo. Bamqaphela ukuba uzakumphilisa yini ngesabatha, ukuze bambeke icala. Wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.” Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala na?” Kepha bathula. Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe. AbaFarisi base bephuma masinyane bacebisana ngaye nabakaHerode ukuthi bangambhubhisa kanjani.
Funda NgokukaMarku 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 3:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo