Masinyane, esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mthathe, nimuke naye ephephile. Esefikile wahle waya kuye, wathi: “Rabhi! wamanga. Basebebeka izandla phezu kwakhe, bambamba. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu waphendula, wathi kubo: “Niphumele ukungibamba ninezinkemba nezinduku ukungibamba kungathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, aningibambanga, kepha kufanele kugcwaliseke imibhalo. Bamshiya bonke, babaleka. Kwalandela insizwa ethile, yembethe ilembu elicolekileyo emzimbeni onqunu izinsizwa zambamba. Yayishiya ilineni, yababalekela inqunu.
Funda Marku 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 14:43-52
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo