Marku 14:43-52

Marku 14:43-52 CZB24

Masinyane, esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mthathe, nimuke naye ephephile. Esefikile wahle waya kuye, wathi: “Rabhi! wamanga. Basebebeka izandla phezu kwakhe, bambamba. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu waphendula, wathi kubo: “Niphumele ukungibamba ninezinkemba nezinduku ukungibamba kungathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, aningibambanga, kepha kufanele kugcwaliseke imibhalo. Bamshiya bonke, babaleka. Kwalandela insizwa ethile, yembethe ilembu elicolekileyo emzimbeni onqunu izinsizwa zambamba. Yayishiya ilineni, yababalekela inqunu.

Funda Marku 14