Kuthe nje uJesu engakaligwinyi, kwase kufika uJuda, omunye wabali-12, nesixuku esihlome ngezinkemba nezinduku, sithunywe abaphristi abakhulu, izazimthetho namalunga. Lo omkhaphelayo wayebanike uphawu lokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye nimqaphile.” Esefikile uJuda wasondela kuJesu ngokushesha, wathi: “Rabi!” Wayesemanga. Base bemdumela, bambopha. Omunye kwababemi lapho wahosha inkemba, wayigenca inceku yomphristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wathatha wathi kubo: “Niphume sengathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukuba nizongibamba. Benginani imihla ngemihla ethempelini, ngifundisa, anizange ningibambe; kodwa ifanele ukugcwaliseka imibhalo.” Base bemshiya bonke, babaleka. Insizwa ethile eyayimlandela, yayembethe ingubo yelineni emzimbeni; bayibamba, kodwa yayishiya ingubo yayo yelineni, yabaleka inqunu.
Funda NgokukaMakhu 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 14:43-52
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo