Marku 14:3-9

Marku 14:3-9 CZB24

Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni onochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste wamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu; wahlephula umfuma, wamthela ngawo ekhanda. Kwakukhona nabathukuthela phakathi kwabo, bathi: “Kwenzelweni lokho kuchithwa kwamafutha na? Ngokuba la mafutha ngabe athengiswe ngawodenariyu abangaphezu kwamakhulu amathathu, kuphiwe abampofu. Basebekhonona ngaye. UJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Wenze umsebenzi omuhle kimi. Ngokuba abampofu ninabo njalo, futhi noma nini lapho sukuba nithanda, ningabenzela okuhle, kepha mina aninami njalo. Wenze abengakwenza; useze wagcobela umzimba wami ukungcwatshwa. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho elizashunyayelwa khona lelivangeli emhlabeni wonke, nalokhu akwenzileyo kuyakukhulunywa ngakho, kube yisikhumbuzo ngaye.

Funda Marku 14

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 14:3-9