NgokukaMakhu 14:3-9

NgokukaMakhu 14:3-9 ZUL20

Kwathi eseseBhethaniya ehleli edla, endlini kaSimoni owayenochoko, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabhaste wamafutha enadi lodwa, elibiza inani elikhulu. Wawuchoboza umfuma, wathela amafutha ekhanda likaJesu. Kepha abanye bathukuthela base bekhuluma bodwa, bethi: “Kungani kumoswa lawa mafutha na? Ngokuba lawa mafutha ngabe athengisiwe ngodaneriyu abangaphezu kwama-300, kwaphiwa abampofu.” Base bemthukuthelela owesifazane. Kepha uJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Wenze umsebenzi omuhle kimi. Abampofu niyohlala ninabo njalo; ningabenzela okuhle noma nini uma nithanda, kodwa Mina aninami njalo. Wenze okungangamandla akhe; uwugcobile umzimba wami, ewugcobela ukuba umbelwe ngaphambi kwesikhathi. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 14:3-9

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo