Marku 11:14-21

Marku 11:14-21 CZB24

UJesu waphendula, wathi kuwo: “Akungabe kusadla muntu isithelo kuwe kuze kube phakade. Abafundi bakhe bezwa lokho. Bafika eJerusalema; uJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba; Wayengavumeli muntu ukuthi adabule ithempeli ethwele isitsha. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’? kepha nina niyenze umhume wabaphangi. Ababhali nabapristi abakhulu bezwa lokho bafuna ukuthi bangambulala kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe. Kwathi sekuhlwile waphuma emzini. Kwathi ekuseni bedlula, babona umkhiwane womile kusukela ezimpandeni. UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.

Funda Marku 11

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo