NgokukaMarku 11:14-21

NgokukaMarku 11:14-21 ZUL59

UJesu wakhuluma, wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa. Bafika eJerusalema. Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba; wayengavumi ukuba umuntu adabule ithempeli ethwele isitsha. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ” Abapristi abakhulu nababhali bekuzwa lokho bazindla ngokuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe. Njalo ngokuhlwa baphuma emzini. Kusasa bedlula babona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni. UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo