Marku 10:13-34

Marku 10:13-34 CZB24

Baletha kuye abantwana abancane ukuba abathinte; abafundi bakhe babakhuza. Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo. Wabagona, wabeka izandla phezu kwabo, wababusisa. Kwathi esephumela endleleni, kwagijima omunye, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: Mfundisi Olungileyo, ngenzeni ukuze ngidle ilifa lempilo elaphakade? UJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imilayo ethi: Ungafebi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, ungadlelezeli, yazisa uyihlo lonyoko. Waphendula wathi kuye: Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami. Khona uJesu embuka emthanda, wathi kuye: Inye into oyisweleyo: hamba, uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; mina. Wadabuka ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu. UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kuyakuba lukhuni kangakanani kwabanengcebo ukungena embusweni kaNkulunkulu! Abafundi bamangala ngamazwi akhe. Kodwa uJesu waphinda waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabathemba inotho ukungena embusweni kaNkulunkulu! Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yenaliti, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu. Basebemangala kakhulukazi, bakhulumisana besithi: Pho kungasindiswa bani? UJesu wababheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka. UPetro waseqala ukuthi kuye: Khangela, thina sitshiye konke, sakulandela. UJesu waphendula wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akakho oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu ngenxa yami nangenxa yevangeli; Kodwa izakwemukeliswa kayikhulu khathesi ngalesisikhathi, izindlu, labafowabo, labodadewabo, labonina, labantwana, lamasimu, kanye lokuzingelwa; nasezweni elizayo ukuphila okuphakade. Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina; abokugcina kuqala. Babesendleleni bekhuphukela eJerusalema; uJesu wahamba phambi kwabo, bamangala; belandela besaba. Wabuye wathatha abayishumi nambili, waqala ukubatshela okuzakwenzeka kuye. Besithi: Khangela, sikhuphukela eJerusalema; njalo iNdodana yomuntu izanikelwa kubapristi abakhulu lababhali; bayakumgwebela ukufa, bamkhaphele kwabezizwe; Bayakuyiklolodela, bayishaye, bayikhafulele, bayibulale, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.

Funda Marku 10

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 10:13-34