Khona baletha kuye abantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi babakhuza. Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.” Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo.
Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”
Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.”
Kepha wathi kuye: “Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”
UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
Kepha wanyukumala ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.
UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.”
Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: “Pho, kungasindiswa bani na?”
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
UPetru wathatha, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela.”
UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade. Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.”
Babesendleleni bekhuphukela eJerusalema; uJesu wayehamba phambi kwabo; ababelandela babethukile, besaba. Wayesethatha futhi abayishumi nambili, waqala ukubatshela okuzakumehlela, ethi: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe; bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”