Ekuseni kusesekuseni kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. USimoni nababe naye bamlandela. Sebemtholile bathi kuye: Bonke bayakufuna. Wathi kubo: “Asihambe siye emizini eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngokuba ngiphumele lokho. Wayeseshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni. Kwasekusiza kuye onochoko, emncenga, eguqa phambi kwakhe, esithi kuye: Uba uthanda, ungangihlambulula. UJesu waba nesihe, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka. Esakhuluma, basuka masinyane uchoko kuye, wahlanjululwa. Waseyilaya kakhulu, wayimukisa masinyane; Wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu lutho; Kepha yena waphuma, waqala ukumemezela kakhulu nokuyidalula leyondaba, kwaze kwaba yilapho uJesu engasenakukwazi ukungena emzini obala, kodwa waba ngaphandle ezindaweni eziyihlane
Funda Marku 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 1:35-45
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo