NgokukaMarku 1:35-45

NgokukaMarku 1:35-45 ZUL59

Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. USimoni nababe naye bamlandela ngokuphuthuma. Sebemfumene bathi kuye: “Bonke bayakufuna.” Wathi kubo: “Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho.” Wahamba eshumayela emasinagogeni* abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni. Kwafika kuye onochoko, wamncenga eguqa ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda, ungangihlambulula.” UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Lwasuka masinyane uchoko kuye, wahlambuluka. Esemyalisisile washesha wammukisa, wathi kuye: “Bheka, ungasho lutho kumuntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.” Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.

Video for NgokukaMarku 1:35-45