UMika 5:2-5

UMika 5:2-5 CZB24

Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade. Ngakho-ke iyakuwanikela kuze kube yisikhathi lapho okhulelweyo esebelethile; insali yabafowabo iyakubuyela kubantwana bakwa-Israyeli. Uyakuma, aklabe ngamandla kaJehova, ngobukhosi begama likaJehova uNkulunkulu wakhe; futhi bayohlala, ngoba manje uyakuba mkhulu kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Lowo uyakuba ngukuthula, lapho umAsiriya engena ezweni lakithi; uma enyathela ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezinduna eziyisishiyagalombili.

Funda UMika 5

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo