“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.” Ngalokho bayakukhashelwa, bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli. Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegama likaJehova uNkulunkulu wakhe; sebeyakuhlala, ngokuba uzakuba mkhulu kuze kube semajukujukwini omhlaba. Ukuthula kuyakuba yilokhu: lapho umAsiriya engena ezweni lakithi, anyathele ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.
Funda UMika 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UMika 5:2-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo