Mathewu 7:9-12

Mathewu 7:9-12 CZB24

Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe na? Noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na? Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye na? Ngakho-ke zonke izinto enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

Funda Mathewu 7