Mathewu 7:15-23

Mathewu 7:15-23 CZB24

Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo. Abantu bakha izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane emakhakhasini na? Kanjalo yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle; kodwa isihlahla esibi sithela izithelo ezimbi. Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle. Yilowo nalowomuthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni. Ngakho-ke niyakubazi ngezithelo zabo. Akusibo bonke abathi kimi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho na? ngegama lakho bakhipha amademoni na? futhi ngegama lakho senze izimangaliso eziningi na? Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.

Funda Mathewu 7

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 7:15-23