NgokukaMathewu 7:15-23
NgokukaMathewu 7:15-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na? Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. Umuthi omuhle awukwazi ukuthela izithelo ezimbi, nomuthi omubi ngeke uthele izithelo ezinhle. Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni. Kanjalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo. “Akusibo bonke abathi kimi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiphrofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?’ Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’
NgokukaMathewu 7:15-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo. Abantu bakha izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane emakhakhasini na? Kanjalo yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle; kodwa isihlahla esibi sithela izithelo ezimbi. Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle. Yilowo nalowomuthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni. Ngakho-ke niyakubazi ngezithelo zabo. Akusibo bonke abathi kimi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho na? ngegama lakho bakhipha amademoni na? futhi ngegama lakho senze izimangaliso eziningi na? Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.
NgokukaMathewu 7:15-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMathewu 7:15-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na? Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle. Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni. Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo. “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?’ Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’