Mathewu 7:1-12

Mathewu 7:1-12 CZB24

Ningahluleli, ukuze ningahlulelwa. Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho; nesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso. Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na? Noma ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana esweni lakho; bheka, kukhona ugongolo kwelakho iso na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho; khona-ke uyobona kahle ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu. Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule. Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa; Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyaphiwa; nalowo ofunayo uyathola; lalowo oqoqodayo uzavulelwa. Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe na? Noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na? Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye na? Ngakho-ke zonke izinto enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

Funda Mathewu 7

Verse Image for Mathewu 7:1-12

Mathewu 7:1-12 - Ningahluleli, ukuze ningahlulelwa.
Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho; nesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na?
Noma ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana esweni lakho; bheka, kukhona ugongolo kwelakho iso na?
Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho; khona-ke uyobona kahle ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.
Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.
Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa;
Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyaphiwa; nalowo ofunayo uyathola; lalowo oqoqodayo uzavulelwa.
Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe na?
Noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na?
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye na?
Ngakho-ke zonke izinto enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 7:1-12