NgokukaMathewu 7:1-12

NgokukaMathewu 7:1-12 ZUL20

“Ningahluleli ukuze nani ningahlulelwa. Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho, nani niyakwahlulelwa ngakho, nangesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso. “Kungani ubona uthi olusesweni lomfowenu, kepha ube ungaluboni ugongolo olusesweni lakho na? Ungasho kanjani kumfowenu uthi: ‘Ake ngikhiphe uthi olusesweni lakho;’ kube kukhona ugongolo kwelakho iso na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olusesweni lakho, yikhona-ke uzakubonisisa kahle ukuze ukhiphe uthi olusesweni lomfowenu. “Ningaziniki izinja okungcwele, ningawaphonsi amapharele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo, ziphenduke, zinidwengule. “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa. “Ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe, noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na? Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ukuba uYihlo osezulwini abaphe okuhle labo abacelayo kuye! Ngakho-ke kukho konke, ngisho nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaphrofethi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 7:1-12