Bhekani izinyoni zezulu, ngokuba azihlwanyeli, azivuni, azibutheli eziphaleni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anizincono kakhulu na? Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa ebukhulwini bakhe na? Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi; Kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho ningakhathazeki nithi: Siyakudlani na? noma: Siyakuphuzani na? noma: Siyakwembatha ngani na? Ngokuba konke lokho abezizwe bayakufuna; ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho konke. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina. Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ikusasa liyazihlupha ngokwalo. Banele usuku ububi balo.
Funda Mathewu 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Mathewu 6:26-34
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo