Mathewu 4:1-17

Mathewu 4:1-17 CZB24

Khona uJesu waholekela nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. Kwasekufika kuye umlingi wathi: Uba uyiNdodana kaNkulunkulu, yitsho ukuthi lawa matshe abe yizinkwa. Kodwa waphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Umuntu kayikuphila ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi wonke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu. USathane wayesemthatha wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli. Wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe; itshe. UJesu wathi kuye: Kulotshiwe futhi ukuthi: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho. USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo; Wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi. Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa. USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. Kwathi uJesu esezwile ukuthi uJohane ubotshiwe, wasuka waya eGalili; Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elisogwini lolwandle, emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali; ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi uIsaya ukuthi: Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngasendleleni yolwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe; Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala. Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.

Funda Mathewu 4