NgokukaMathewu 4:1-17

NgokukaMathewu 4:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wayeseholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. Kwathi esezile ukudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ekugcineni walamba. Kwase kufika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kulawa matshe abe yizinkwa.” Kepha uJesu waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu angaphila ngaso, kodwa ngamazwi wonke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ” USathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyala izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla, funa unyawo lwakho luqhuzuke etsheni.’ ” UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ” USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yomhlaba nenkazimulo yayo; wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma ungikhothamela, ukhuleke kimi.” UJesu wayesethi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze Yena yedwa.’ ” USathane wayesesuka kuye; kwafika izingelosi zamkhonza. Kuthe uJesu esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wahamba waya eGalile. Wasuka eNazaretha, wayohlala eKhaphernawume elingasolwandle, ezifundeni kwaZebuloni nakwaNafethali ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Izaya umphrofethi, ukuthi: “Izwe lakwaZebuloni nelakwaNafethali elisemgwaqweni oya olwandle phesheya kweJordani, iGalile labezizwe; isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu; nababehlezi ezweni esigayegayeni sethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.” Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu waqala ukushumayela, ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”

NgokukaMathewu 4:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Khona uJesu waholekela nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. Kwasekufika kuye umlingi wathi: Uba uyiNdodana kaNkulunkulu, yitsho ukuthi lawa matshe abe yizinkwa. Kodwa waphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Umuntu kayikuphila ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi wonke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu. USathane wayesemthatha wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli. Wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe; itshe. UJesu wathi kuye: Kulotshiwe futhi ukuthi: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho. USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo; Wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi. Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa. USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. Kwathi uJesu esezwile ukuthi uJohane ubotshiwe, wasuka waya eGalili; Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elisogwini lolwandle, emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali; ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi uIsaya ukuthi: Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngasendleleni yolwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe; Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala. Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.

NgokukaMathewu 4:1-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMathewu 4:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.” Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ” Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ” UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ” USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo; wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.” Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ” USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile. Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi: “Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngaselwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe, isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.” Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”